UBUFAKAZI BUKA TONY ALAMO

Amathambo Omileyo

NGU Tony Alamo

Umphrofethi weThestamente Elidala, UHezekeli, wathunyelwa umbono ovela kuNkulunkulu. Wabona isigodi samathambo omileyo, simele ukufa ngokukamoya kuka-Israyeli kanye nomhlaba. Umbono wawuprofetha ukuza kokuqala kukaKristu, ukushumayela Kwakhe ivangeli, nomphumela wako, ukuvuka kokuqala ekufeni, kuwukuvukela ekuphileni kwaphakade kulabo bonke abakholwa “Izwi leNkosi.”1

UNkulunkulu wathi kuHezekeli, “Ndodana yomuntu, lawamathambo angaphila na?” (Ingaba labo abakade befile kumoya, bangaphila na?) UHezekeli wathi, “Nkosi, uwena owenzile, uyazi.”2

UNkulunkulu wakhuluma futhi kumprofethi, ethi, “Profetha phezu kwalawamathambo, uthi kuwo, Ninamathambo omileyo, zwanini izwi likaJehova. Isho kanje iNkosi uJehova kulawamathambo; Bhekani, ngiyakungenisa kini umoya, niphile.”3

U-Israyeli wayazi ukuthi kwase kuphele nya ngaye njengesizwe.4 Kuze kube namuhla kusenoqhekeko oseluqede ithemba. Kodwa uNkulunkulu watshela UHezekeli ukuthi uzovusa esinye isizwe esikhulu kuno-Israyeli wokuqala, obungayeki ukona. U-Israyeli wesibili wawuzoba ngabantu abavela kuzo zonke izizwe emhlabeni,5 insalela yamaJuda akhethiweyo kanye noquqaba lwabezizwe abahlumelisiwe kuMvini (uKristu).6 Wawuzoba isizwe esikhulu, esingcwele sabavuswe empilweni efile, nasempilweni yokona bavuselwa ekuphileni okuphakade.7 Ngeke babe noqhekeko noNkulunkulu. Lokhu kwabawukuvuka kokuqala ngamandla okuvuka kaKristu.8

Ngo1964, phambi kokuba ngivuswe okokuqala kuKristu, mina, Bernie Hoffman, ophinde aziwe ngelika-Tony Alamo, ngangidume ngokona, nokuphila okuphambene noNkulunkulu futhi ngingenalo noluncane ulwazi ngoNkulunkulu. Bengingazi ukuthi uNkulunkulu ukhona. Amazwi kaNkulunkulu abe eyizinsumansumane nezinganekwane kimina, futhi ngingaqondi ukuthi abantu bakholwa kanjani kuNkulunkulu noma kwiNdodana Yakhe. Ngangingabakholwa labo  ababethi bakholwa kuNkulunkulu, ngoba babengabazenzisi. Babona njengami noma nangaphezulu. Ngiyazi ngoba ngangizulazula nabo. Sonke sasiyiqoqo lamathambo afile, omileyo.

Ngangithukuthela uma kukhona ozama ukungiguqulela ekubeni umKristu, ngoba kimina iBhayibheli laliwukuchitha isikhathi. Impilo engangiyiphila yayenza ngingabi nasikhathi semidlalo noma izinganekwane.

Emkhakheni weze-Marketing ngangaziwa ngokuthi ngiwumpetha (ophuma phambili). Ngangibhekene nokuphumelelisa imisebenzi yabaculi nabadlali abaningi abadumile, kanye nokuphumelelisa amaphromoshini emikhiqizo eminingi eyaziwayo futhi esetshenziswa ezindlini.  Umcabanga owawungisabisa du, kwabe kuwumcabango wokuzibona ngamehlo engqondo, ngisindisiwe, futhi ngihamba ngisabalalisa amapheshana okushumayela ivangeli likaJesu, emakhoneni emigwaqo, ngihlala emishini endaweni engasile, ngishumayela ivangeli, futhi ngihlela imigqa yokudla yokondla abantu abalambile.

Maphakathi neminyaka yango-1960 umhlaba bewungabukeki kahle kimi.  Bengingazithandi izidakamizwa noma abantu abangcolile futhi abanesimilo sengulube. Ngangikuzonda futhi lokhu okwakwenziwa inhlangano yama-hippi eHollywood, eSunset Strip kanye nasemhlabeni wonke. Kodwa-ke nami, bengingesiye umuntu ongcwele. Ngangingenandaba ngempela ukuthi abantu benza siphi isono, kuphela nje uma bengahambi bekhombisa lokho abakwenzayo phambi kwemindeni enezingane. Kimi umhlaba bese uphelile, ufile, womile, unyanyeka, futhi ungathembisi neze.9 Akukho lutho obeluseyigugu noma obekusabalulekile kimina. Ngikholwa ukuthi abanye abantu ezweni babekwazi lokhu njengoba nami ngangikwazi, nanokuthi babesebenzisa izidakamiswa ukuzama ukubalekela uqobo lwesimo sinjengoba sinjalo.  Amasonto ayebonakala ongathi ayazenzisa; wonke umuntu wayebonakala ekwazi nalokho futhi. Izwe lonke belifile ezonweni zalo kanye nobuhlongandlebe balo.10 Umhlaba bewubonakala uyisigodi esikhulukazi esinamathambo omileyo, njengalesi esabonwa nguHezekeli.11

Ngahlangana noJesu ehhovisi eBeverly Hills ngendlela engajwayelekile futhi emangalisa kakhulu.  Akekho umuntu ongacabanga ukuthi  nganginokwesaba okungakanani, kodwa futhi nginenjabulo engakanani, lapho uNkulunkulu ezibonakalisa  kimi ukuthi yena neNdodana yakhe bakhona ngempela. Ngakujabulela kakhulu ukuzwa uMoya wakhe oyiNgcwele osabekayo, futhi nokuzwa izwi lakhe elinamandla liwusha lidabula phakathi kwazozonke izicubu zomzimba wami, ongathi ngiyisisefo okuhamba kuso amazwi eya phambili nasemuva. Ubukhona bakhe babunenkazimulo futhi bufudumeza. UMoya wakhe wacindezela kanzima phezu kwami kwangathi ngixhakathiswa isandla sikaNkulunkulu esinamandla. Futhi amazwi akhe angitshela ukuthi, “Sukuma ngezinyawo zakho utshele abantu kulendlu ngeNkosi uJesu Kristu, ubatshele nokuthi Iyabuya futhi emhlabeni, uma kungenjalo, uyawukufa nokufa.” Kwathi lapho umoya wakhe ungena ehhovisi, ungicindezela, nganikwa ukuqonda ubuhlakani Bakhe obungenakuchazeka futhi obungenakukholeka.12 Ubeyikho konke okuyimvithimvithi nokusaluthuli okuncinyane kakhulu (ama-atomu nama-molecule). Wabe engumoya. Ubazi konke okwakwenzeke ngesikhathi esedlule nakho konke okwakuzokwenzeka ngesikhathi esizayo.13 Ngafikelwa amahloni ngoba ngangazi ukuthi wabe azi konke engake ngakwenza. Wangibonisa ukuthi iZulu neSihogo kukhona ngempela. Ngangazi ukuthi ikuphi lapho ngangizoya khona uma ngingakwenzanga lokhu akushilo…futhi kwakungekhona ezulwini.

Nakuba kwakukhona ukwethuka kimi,14 kwangijabulisa ngendlela emangalisayo ukwazi ukuthi uNkulunkulu ukhona ngempela futhi uyaphila, futhi uyikho konke abaprofethi nabaphostoli ababethi uyikho.  Akakaze ashintshe nakancane, kusukela ezinsukwini lapho adala khona amazulu, umhlaba, nakho konke okukuwo.15 Masinyane, ngaqonda ukuthi ngangiyohlala njalo ngiMesaba, ngiMazisa, ngiMhlonipha, futhi ngiMkhonza. Ngangazi ukuthi ngangizimisele nakanjani, ukuMphilela, ukuhlushwa, nokuMfela; futhi ngangiyokwenza konke lokhu ngokwenama, nangayo yonke intokozo.16

Ngemuva kokuthi uNkulunkulu esengikhiphile kulelohhovisi, ngaqala ngambuza, “Ufuna ukuthi ngenzeni? Ngizokwenza noma yini othi mangiyenze.” Angitholanga mpendulo, ngakho-ke ngacabanga ukuthi wayefuna ngiye esontweni. Ngazitshela ukuthi isonto elikhulu kunawowonke, kwakuyilonalona elifanelekile, ngakho-ke ngaya khona kodwa angizange ngimthole.  Ngaya nakwamanye amasonto, kodwa wayengekho nakuwona. Ngase ngifunda izincwadi ezinezithombe zamadoda kumakhava. Lamadoda ayebukeka ehlakaniphile futhi enokuhlonipha uNkulunkulu, enezintshebe ezinde, nezingubo zenkolo. Kodwa ngangazi ukuthi lezincwadi zaziphambukile ngoba zazithi uNkulunkulu akufanele asatshwe,17 zazithi uNkulunkulu akabasongeli abantu, futhi wawungasenza isono kodwa ungayi esihogweni.18 Ngangingakhathazekile  ngoNkulunkulu onjengalowo. Ngangikhathazwe ukuthola uNkulunkulu owayengisongele,19 uNkulunkulu owayengikhombise  iZulu neSihogo, wangenza ukuthi ngenze into ayengekho omunye umuntu owayengangenza ukuthi ngiyenze. 

Ngangingacabangi ukuthi iqiniso lalingatholakala eBhayibhelini ngenxa yokuthi ayexhaphakile. Ngangizwa sengathi nanoma yini ethakaselwa abantu bebonke, yayingekona ukuhlakanipha, ngoba ngangikholwa ukuthi bonke abantu babeyiziphukuphuku.  Ekugcineni ngaqala ukulifunda iBhayibheli futhi ngathola uhlelo lwensindiso kulo, kanye nemfundiso yokuthola ukuphila okuphakade, eyayikhombisa ukuthi kukhulwa kanjani kuKristu nakumoya nokuthi ungenza kanjani ukuthi ube umzuzi wemiphefumulo oqavile kaNkulunkulu.20

Lapho ngiqala ukufunda iBhayibheli, ngezwa lawomandla kaNkulunkulu engicindezela, amandla ayefana nalawo engangiwezwe ehhovisi eBeverly Hills. UNkulunkulu wabe esengibonisa eminye imibono ngeZulu neSihogo.21 Ngakhala kuNkulunkulu ngathi, “Nkosi, ungangithumeli eSihogweni!” Ngasengibona iZulu ngezwa ukuthula kweZulu.22 Nakuba ngangiyimpumputhe ngokomoya, nginqunu, ngimncane, ngatshela uNkulunkulu ukuthi ngangingavuma ukuhlala ngiyimpumputhe, nginqunu, futhi ngidelelekile uma nje ngangingahlala ngizwa lokuthula kwasezulwini njalonjalo. Ngaphinda ngabona iSihogo, ngaphinda ngamemeza ngikhala kuNkulunkulu ngicela ukuthi abenesihe, angixolele.  Khona manjalo amandla kaBaba, iNdodana, noMoya oNgcwele angena emzimbeni wami ofayo.23 Ngokukholwa kwami kuJesu nasegazini lakhe elachitheka ngenxa yami, nangokukholelwa emazwini kaNkulunkulu, engawezwa futhi ngawalalela,24 ngezwa zonke izono engike ngazenza zisuswa zishiya umphefumulo wami.25 Ngazizwa ngihlanzekile futhi ngimsulwa.26 Into enhle ngendlela emangalisayo yayenzeke kimina, futhi yayenziwe kimina futhi yenzelwa mina nguKristu uJesu, “oNgcwele ka-Israyeli.”27 Ngendlela engangijabule kakhulu ngayo ukukhululwa esonweni futhi  nokuba namandla amasha ayengigcina ukuthi ngingoni, ngangifisa ukutshela umhlaba wonke ukuze bonke baMazi  futhi babenokuphila okuphakade.

Ngisho nangemva kokuba semsebenzini kaKristu kusukela ngonyaka ka1964, ngizwa umnkantsha kamoya ovela eZulwini uthelwa kulawomathambo ayekade omile kakhulu, njalo uma ngifunda iBhayibheli. Izwi likaNkulunkulu libeke umsipha kamoya wazungeza lamathambo ayekade omile kakhulu, lawambathisa ngenyama nesikhumba okuyizikhali zokuvika zikamoya. Izwi likaNkulunkulu ngalinye lidale ukuthi ukuhlumela kukaKristu enhliziyweni yami kukhule. Ngisalizwa izwi likaNkulunkulu ngalinye, liphefumulela umphefumulo kaMoya Oyingcwele emphefumulweni wami, linginika amandla okuma nokucima yonke imicibisholo evuthayo uSathane abelokhu engiciba ngayo emnyakeni eminingi. Usuku nosuku, ngiyazi ngokuphelele, ukuthi “siyanqoba nokunqoba” kuKristu uJesu,28 kanti futhi “siphelelisiwe sagcwaliswa kuYe.”29 Futhi nami ngiyazi ukuthi kubaluleke kakhulu kangakanani ukulandela wonke amazwi kaJesu, okwathi imizuzwana ngaphambi kokuthi anyukele ezulwini ngefu, wathi, “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.”30 (Shumayelani kuwo wonke amathambo omile, labo abafile ngokomoya “ukuze bezwe iZwi leNkosi.”31)

“Lowo okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa; kodwa ongakholwayo uyakulahlwa.”32 Uma ufana nami ungafisi ukuthi ulahlwe, kodwa esikhundleni salokho ufisa ukuthi usindiswe, yisho lomthandazo kuNkulunkulu:

Prayer

NKOSI yami, NKULUNKULU wami, yiba nesihe phezu komphefumulo wami, umoni.1 Ngiyakholwa ukuthi UJESU Kristu uyiNDODANA kaNKULUNKULU ophilayo.2 Ngiyakholwa ukuthi Wafa esiphambanweni futhi wachitha igazi LAKHE eliyigugu ukuze ngithethelelwe zonke izono zami engizenze ngaphambilini.3 Ngiyakholwa ukuthi UNKULUNKULU wavusa UJESU kwabafileyo ngamandla KAMOYA OYINGCWELE,4 nokuthi Uhlezi ngakwesokunene sikaNKULUNKULU ngalomzuzu elalele ukuvuma kwami izono zami kanye nalomthandazo.5 Ngivula umnyango wenhliziyo yami futhi ngiyakumema ukuthi ungene enhliziyweni yami, NKOSI JESU.6  Ngihlanze kuzo zonke izono zami ezingcolile egazini eliyigugu, othe walichitha esikhundleni sami, esiphambanweni eKhalivari.7 Angeke ungichithe ungilahlele ngaphandle NKOSI JESU. Uzongithethelela izono zami futhi usindise umphefumulo wami.  Ngiyazi ngoba IZWI LAKHO, iBhayibheli, lisho njalo.8  IZWI LAKHO lithi akekho namunye umuntu oyomdikila umlahlele ngaphandle futhi lokhu kuhlanganisa nami.9 Ngakho-ke ngiyazi ukuthi ungizwile, futhi ngiyazi ukuthi ungiphendulile, futhi ngiyazi ukuthi ngisindisiwe.10 Futhi NgiyaKubonga, NKOSI JESU ukuthi usindise umphefumulo wami, kanti futhi ngizokhombisa ukubonga kwami ngokwenza njengoba Ungiyala futhi ngingabe ngisona.11

Ngemuva kwensindiso, UJESU wathi kubalulekile ukubhapathizwa, ngokuphelele emanzini, egameni likaYISE, neleNDODANA, nelikaMOYA OYINGCWELE.12 Funda iBhayibheli ngokweNkosi uJames, ngokukhuthala, wenze lokho elikushoyo.13

INKOSI Ifuna utshele abanye ngensindiso yakho. Ungaba wumuntu osabalalisa izincwadi nemibhalo yeVangeli kaMfundisi uTony Alamo. Sizokuthumelela izincwadi mahhala. Shaya  ucingo noma uthumele i-imeyli ukuze uthole ulwazi oluthe xaxa.  Sicela utshele abanye abantu ngalomyalezo.

Uma ufuna umhlaba usindiswe, njengoba eyala UJESU, ungamphangi uNKULUNKULU okweshumi kwakhe neminikelo. UNKULUNKULU wathi, “Ingabe  umuntu angaphanga  uNKULUNKULU na? Nokho niyaNgiphanga. Kepha nina nithi, SiKuphange kanjani na? Ngokweshumi nangeminikelo. Niqalekisiwe  ngesiqalekiso: ngokuba niyaNgiphanga, sizwe sonke [nomhlaba wonke].  Ngenisani konke okweshumi [‘okweshumi’ – u10% weholo lakho liphelele] endlini yengcebo ukuba kube-ngukudla [nokudla kukamoya] endlini YAMI. [Imiphefumulo isindiswe], niNgivivinye ngalokhu, usho UJEHOVA-SEBAWOTI, uma Ngingayikunivulela amafasitele  asezulwini, Nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.  Ngenxa yenu Ngiyakukhuza okudlayo, kungachithi izithelo zomhlabathi wenu, nemivini yenu ayiyikuphutha endle, usho UJEHOVA-SEBAWOTI. Zonke izizwe ziyakuthi nibusisiwe, ngokuba niyakuba-yizwe elithokozisayo, usho UJEHOVA-SEBAWOTI” (UMalaki 3:8-12).


Zulu Alamo Literature

Sicela uxhumane nathi ukuze uthole ulwazi olubanzi, noma izincwadi mayelana nezinye izihloko ongazithakasela.

Tony Alamo, World Pastor (Umfundisi Wezizwe zonke),
Tony Alamo Christian Ministries Worldwide
P. O. Box 2948
Hollywood, CA 90078

Inombolo yethu yocingo esebenza amahora angamashumi amabili nane ngosuku, uma udinga ulwazi noma imithandazo: (661) 252-5686
FAX (661) 252-4362

Izinkonzo ZamaKristu zikaTony Alamo Emhlabeni jikelele, inikeza indawo yokuhlala nakho konke okuyizidingo zempilo kubo bonke abantu,
ezindaweni zethu eU.S; abantu abafuna ngempela ukukhonza uSimakade ngayo yonke inhliziyo yabo, umphefumulo, ingqondo namandla.

Izinkonzo zibanjelwa eNew York City njalo ngoLwesibili, ngo 8 P.M. nakwezinye izindawo ebusuku. Sicela ushayele ucingo kulenombolo: (908) 937-5723, ukuthola ulwazi. UKUDLA KUYANIKEZWA NGEMUVA KWENKONZO.

Cela Incwadi kaMfundisi Alamo, UMesiya, ebonisa isambulo ngoKristu, esitholakala eTestamenteni Elidala, eziprofethweni ezingaphezukuka-333 Iba isisebenzi ekuvuneni imiphefumulo ngokuba ubengumsabalalisi wezincwadi zikaMfundisi Alamo.

Zonke izincwadi zethu kanye nemilayezo elalelwayo kutholakala mahhala, nemali yokuposa, ikhokhwa yithi. Uma kukhona ozama ukukukhokhisa imali ngazo ngokungemthetho, shayela lenombolo yocingo (661) 252-5686 (ucingo lukhokhelwa yithi, uma usifonela)

LEZI ZINCWADI ZITHWELE UHLELO LWEQINISO LWENSINDISO (Izenzo 4:12).

MUSA UKUYILAHLA, DLULISELA KOMUNYE UMUNTU.

Kunina enikwamanye amazwe, sinikhuthaza ukuba nihumushe lezincwadi ngolimi lwenu lwendabuko.
Uma niphinda niyishicilela, sicela nifake le-copyright kanye ne-registration:

© Ishicilelwe nge-Copyright ngoNovemba 1995, ngoMashi 2012, 2013, 2014® Yaba-Registered ngoNovemba 1995, ngoMashi 2012, 2013, 2014


footnotes:

1. Hez. 36:1, 4 return

2. Hez. 37:3 (isi-Heberu sasemandulo/sasekuqaleni) return

3. Hez. 37:4-5, (Isi-Aramaic sasemandulo/sasekuqaleni) return

4. Hez. 37:11 return

5. Gen. 17:4-16, 22:18, 26:4, 46:3, 48:19, 49:10, Eks. 19:6, 32:10, AmaH. 22:27, Isaya 2:2, Joh. 11:51-52, IzE.1 0:34-35, Ef. 1:10, Heb. 8:8-12, 1 Petr. 2:9-10, IsAmb. 5:9, 14:6 namanye amaningi return

6. Joh. 15:1, Rom. 11:17, 19, 23, 24, IsAmb. 7:4 return

7. 1 Petr. 2:9 return

8. Rom. 15:12, 1 Kor. 15:15, 16, Kol. 2:12, 3:1, 1 Thes. 4:16, IsAmb. 20:5-6 return

9. Math. 13:39, Isahluko 24, 1 Kor. 15:24, Heb. 9:26, 1 Petr. 4: 7 return

10. Ef. 2:1, 5, Kol 2:13 return

11. Hez. 37:1 return

12. Num. 24:16, 1 Sam. 2:3, Jobe 21:22, AmaH. 32:8, IzA. 2:6, 3:20, 9:10, Luk. 1:77, Rom. 11:33, 1 Kor. 1:25, 2:16, 3:19, 2 Kor. 4: 6 return

13. AmaH. 44:21, 94:11, Isaya 46:9-10, 1 Kor. 3:20, 1 Joh. 3:20, IsAmb. 21:6 return

14. IsAmb. 22:13, Gen. 35:5, Lev. 26:16, Jobe 31:23, Jer. 32:21, Hez. 32:32, 2 Kor. 5:11 return

15. Gen. 1:1, Mal. 3:6 16:16, IsAmb. 2:5, 16, 22-23, 3:3, 20:15 return

16. AmaH. 5:11, 35:19, Isaya 51:11, 61:10, Joh. 16:33, IzE. 2:28, 20:24, Rom. 12:8, 15:13, 2 Kor. 8:12 return

17. Gen. 22:12, AmaH. 112:1, IzA. 13:13, 14:16, 28:14, 31:30, Shum. 7:18 return

18. IzA. 8:36, Hez. 18:2, 4, IsAmb. 19:20, 20:10, 14, 15, 21:8 return

19. Gen. 2:17, 6:7, 9, 13, Eks. 20:5, 32:33, 34:7, Hez. 3:18, 18:20, Math. 8:12, 22:13, Mark. 16:16, IsAmb. 2:5, 16, 22-23, 3:3, 20:15 return

20. Joh. 4:35-36, 15:5, 8, 15-16, IsAmb. 14:18 return

21. Isaya 5:14, 14:9, Luk. 16:22-31, IzE. 7:55-56, IsAmb. 4:1-11, 14:10-11, 15:1-4, 20:10, 21:2-5, 10-27, 22:1-5 return

22. Rom. 5:1, Ef. 2:14, Fil. 4:7, Kol. 3:15, 1 Thes. 5:23, 2 Thes. 3:16 return

23. Lev. 26:11-12, Joh. 14:16, 2 Kor. 6:16, 1 Petr. 2: 5, 1 Joh. 3:24 return

24. Hab. 2:4, Math. 17:20, Luk. 7:50, IzE. 20:21, 26:18, Rom. 1:17, 3:28, 5: 2, 10:17, 11:20, Gal. 2:16, 3:11, Ef. 2:8, 3:17, Heb. 10:38 return

25. Mark. 14:24, Joh. 6:53, IzE. 20:28, Rom. 3:25, 5:9, Ef. 1:7, 2:13, Kol. 1:14, 20, Heb. 9:12, 14, 22, 1 Petr. 1:18-19, IsAmb. 1:5, 5:9 return

26. Heb. 10:19-22, 1 Joh. 1:7 IsAmb. 1:5, 7:14 return

27. AmaH. 89:18, IzE. 3:13-14 return

28. Rom. 8:37, 1 Joh. 4:3-4 return

29. Kol. 2:10 return

30. Mark. 16:15, Luk. 14:23 return

31. 2 AmaKh. 20:16, Isaya 1:10, Jer. 2:4, Hez. 37:4 return

32. Mark. 16:16, 2 Thes. 2:12 return


Prayer footnotes:

1. AmaH. 51:5, Rom. 3:10-12, 23 return

2. Math. 26:63-64, 27:54, Luk. 1:30-33, Joh. 9:35-37, Rom. 1:3-4 return

3. IzE. 4:12, 20:28, Rom. 3:25, 1 Joh. 1:7, IsAmb. 5:9 return

4. AmaH. 16:9-10, Math. 28:5-7, Mark. 16:9, 12, 14, Joh. 2:19, 21, 10:17-18, 11:25, IzE. 2:24, 3:15, Rom. 8:11, 1 Kor. 15:3-7  return

5. Luk. 22:69, IzE. 2:25-36, Heb. 10:12-13   return

6. 1 Kor. 3:16, IsAmb. 3:20 return

7. Ef. 2:13-22, Heb. 9:22, 13:12, 20-21, 1 Joh. 1:7, IsAmb. 1:5, 7:14 return

8. Math. 26:28, IzE. 2:21, 4:12, Ef. 1:7, Kol. 1:14  return

9. Math. 21:22, Joh. 6:35, 37-40, Rom. 10:13   return

10. Heb. 11:6   return

11. Joh. 5:14, 8:11, Rom. 6:4, 1 Kor. 15:10, IsAmb. 7:14, 22:14 return

12. Math. 28:18-20, Joh.3:5, IzE. 2:38, 19:3-5 return

13. Dut. 4:29, 13: 4, 26:16, Josh. 1: 8, 22: 5, 2 Thim. 2:15, 3:14-17, Jak. 1:22-25, IsAmb 3:18 return