USATHANE UKHULUMA NONKULUNKULU BESE EPHENDULA UNKULUNKULU

NGU Tony Alamo

Usathane ukhuluma noNKULUNKULU, futhi uNKULUNKULU uyamkhulumisa amphendule.1 UNKULUNKULU kwesinye isikhathi uyayiphendula imikhuleko yakhe (izicelo), njengakwisehlo sikaJobe. Ngokuba nina enidukile namuhla, eningakholwa ukuthi kukhona umuntu ongenasici, uNKULUNKULU wathi uJobe wayengenasici futhi elungile, wayengomesabayo uNKULUNKULU, futhi ekuzonda okubi (UJobe 1:1). UJobe wayenamadodana ayisikhombisa kanye namadodakazi amathathu. Wayecebile kakhulu, wayemkhulu kunabobonke abantu baseMpumalanga. UJobe wayemkhonza uNKULUNKULU, futhi wayekhuleka kuNKULUNKULU njalonjalo (ngokungaphezi) (UJobe 1:5).

“Kwathi ngelinye ilanga kwafika amadodana kaNKULUNKULU ema phambi kukaJEHOVA, kwafika noSathane phakathi kwawo. UJEHOVA [wabe esekhuluma naye ethi kuye], Uvelaphi na [ubuya kuphi]? USathane wabesemphendula uJEHOVA, wathi, Ekuzuleni emhlabeni, kanye nasekuhambahambeni kuwo. [Ngamanye amazwi, ngivela ekwenzeni noma yini engithanda ukuyenza ezweni, ekwenzeni bonke abantu ezweni ukuba bahlupheke babenezinkinga ngayo yonke indlela okungenzeka ngayo, ukubalinga, ngokuba bonke bayona futhi kumele bahlulelwe bajeziswe baphonswe eChibini loMlilo kanye nami. UJEHOVA waqhubeka nokukhulumisana noSathane wathi,] Inhliziyo yakho iyiqaphele inceku YAMI uJobe na? Ngokuba akekho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici futhi olungileyo, owesaba uNKULUNKULU, futhi obalekela okubi.

“USathane wamphendula uJEHOVA, wathi, UJobe uyamesaba uNKULUNKULU ngeze na? [Usathane waqala ukukhuluma noNKULUNKULU futhi, ngaphezu kwendlela abantu abazibiza ngokuthi bangamaKristu abakhuluma ngayo noNKULUNKULU. Uma uJEHOVA emlalela uSathane futhi ekhuluma naye, ikuphi inkinga yakho? USathane wathi, WENA Umbusisile uJobe futhi Umbiyelile nakho konke okwakhe nxazonke.] Ubusise umsebenzi wezandla zakhe, futhi impahla yakhe yandile emhlabeni. Kepha ake Welule isandla SAKHO, uthinte konke anakho, impela uYakukuthuka ebusweni BAKHO.

“[UJEHOVA waphendula umkhuleko kaSathane:] Wathi uJEHOVA kuSathane, Bheka, konke anakho kusesandleni sakho; kuphela kuyena uqobo ungabeki isandla sakho. Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJEHOVA [waqotha konke uJobe ayenakho—izingane zakhe, imfuyo yakhe, konke!]… Wayesesukuma uJobe, waklebhula ingubo yakhe, waphucula ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka, wathi, Ngaphuma ngize esizalweni sikamame, ngiyakubuyela khona ngize: uJEHOVA wapha, uJEHOVA uthathile; malibongwe igama likaJEHOVA. Kukho konke lokho uJobe akonanga, akamthelanga uNKULUNKULU okubi” (UJobe 1:6-12, 20-22).

Emva kwakho konke lokhu ukuvivinywa, uJobe wanikwa okuningi kakhulu kuvela kuNKULUNKULU,2 kodwa bheka ukuthi kwenzekani ngesikhathi uSathane ekhuleka kuNKULUNKULU futhi ethola impendulo. Kungenzekani uma amaKristu engakhuleka njengalokhu eyaliwe, “khulekani ningaphezi”?3

Enye ingxenye yeZWI likaNKULUNKULU esitshela ukuthi uSathane, udeveli, ukhuleka engaphezi isencwadini yesAmbulo 12:10: “Ngokuba uphonswe phansi ummangaleli wabazalwane [ngaphandle kwaseZulwini], obamangalela phambi kukaNKULUNKULU wethu imini nobusuku.” Indimana yesi11 isitshela ngokuthi singamehlula kanjani ummangaleli. “Futhi bona [thina] bamnqoba ngegazi leWUNDLU [ngokuhlala ngaphandle kwesono], kanye nangeZWI lobufakazi babo[bethu],” leliZWI elisitshela ukuthi okungenani sikhuleke kakhulu njengoSathane. “KHULEKANI NINGAPHEZI” (1kwabaseThesalonika 5:17).

Uma uNKULUNKULU ekhuluma noSathane—futhi Uyakhuluma—Uzokhuluma nawe! UJESU ubeka umyalo, “KHULEKANI NINGAPHEZI” (NgokukaLuka 21:36). Uqala ngokuthi, “Kuyakudlula izulu nomhlaba: kodwa AMAZWI AMI awasoze adlula. Ngakho xwayani, ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza, kanye nokudakwa, kanye nokunaka okwalokhu okuphila, lunizume lolosuku ningazelele. Ngokuba luyakufika njengogibe phezu kwabo bonke abahlezi emhlabeni wonke. Ngakho lindani ngesikhathi sonke, NIKHULEKE NINGAPHEZI [njengoSathane, udeveli], ukuba nibe namandla okuphepha kukho konke okuyakwenzeka, nawokuma phambi kweNDODANA YOMUNTU” (NgokukaLuka 21:33-36).

KumaHeberu 11:6 lithi, “Kepha ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukuMthokozisa [uNKULUNKULU]: ngokuba ozayo kuNKULUNKULU kumele aze KUYE ngokukholwa [njengalokhu enza uSathane. ‘Amadimoni ayakholwa futhi athuthumele’ (EkaJakobe 2:19)], kanye nokuthi YENA [uNKULUNKULU] ungumvuzi kulabo abafuna YENA NGOKWEQINISO. [Kodwa hayi uSathane. Wahlambalaza uMOYA ONGCWELE futhi uyokuchithela ingunaphakade eChibini loMlilo].”4

Esinye sezithembiso ezinkulu zikaNKULUNKULU ukuthi uma Emuzwa futhi Emphendula uSathane, lokhu kuyisiqiniseko sokuthi Uyokuzwa wena nami futhi Akuphendula wena nami, kanye nabobonke abaYombiza.5 uNKULUNKULU uthi, “Ngibize, Ngiyakukuphendula, Ngikutshele izinto ezinkulu ezifihlekileyo ongazaziyo” (UJeremiya 33:3).

Nginesiqiniseko sokuthi unemibuzo futhi udinga izimpendulo. Uzozithola uma uMfuna ngokweqiniso ngeZWI LAKHE; Uyakufunyanwa yinina (2 IziKronike 15:2).6 Isethembiso esalabo abaMfuna ngeqiniso, okungenani umfune ngokuzikhandla njengoba kwenza uSathane lapho ekuzingela wena ukuze athumele umphefumulo wakho eSihogweni naseChibini loMlilo kanye naye.

Umphostoli uPetro uxwayisa wonke umuntu: “Qondani, nilinde; ngokuba isitha senu uSathane, siyahamba, njengebhubesi elibhodlayo, sifuna lowo esingamgwinya [yena uyabona uma ungakhuleki ngendlela yena akhuleka ngayo]: Melanani naye niqine ekukholweni, nazi ukuthi zona lezozinhlupheko zehlela abazalwane benu abasezweni” (1 kaPetru 5:8-9). UJESU uyingonyama NAYE, INGONYAMA YOMNDENI KAJUDA (IsAmbulo 5:5). Wadala uSathane, Wamehlula, futhi Uyomthumela eChibini loMlilo ingunaphakade.7

Ungamkhohlwa neze uNKULUNKULU. Kuyokuba ukuzilimaza kwakho. uNKULUNKULU uthi, “Nikela  [KIMI] umnikelo wokulunga; futhi bese ugcina izethembiso zakho koPHEZU KONKE: Ngibize ngosuku lokuhlupheka: Ngiyakukukhulula, wena uyakuNgidumisa. Kepha komubi uNKULUNKULU uthi, Yini ukuba ushumayele izimiso ZAMI, noma uphathe isivumelwano SAMI ngomlomo wakho? Ingani uyazonda ukuqondiswa, amazwi AMI uwalahla emva kwakho, na? Uma ubona isela, uvumelana nalo, neziphingi uhlanganyela nazo. Umlomo wakho uwuyekela ebubini, ulimi lwakho luqamba inkohliso. Uhlala uhleba umfowenu; unyevuza indodana kanyoko. Lokhu ukwenzile, ngathula; ushaye sengathi Nginjengawe: kodwa Ngizakukulaya, Ngikubeke phambi kwamehlo akho. Qaphelani lokho, nina enikhohlwa uNKULUNKULU, funa MINA Nginidwengule nibe izicucu, futhi kungabikho osindisayo (AmaHubo 50:14-22).”8
Gcina imiyalelo. Khuleka ungaphezi bese wenza umphefumulo wakho usindiswe. Qala ngokusho lomkhuleko:

Prayer

NKOSI yami, NKULUNKULU wami, yiba nesihe phezu komphefumulo wami, umoni.1 Ngiyakholwa ukuthi UJESU Kristu uyiNDODANA kaNKULUNKULU ophilayo.2 Ngiyakholwa ukuthi Wafa esiphambanweni futhi wachitha igazi LAKHE eliyigugu ukuze ngithethelelwezonke izono zami engizenze ngaphambilini.3 Ngiyakholwa ukuthi UNKULUNKULU wavusa UJESU kwabafileyo ngamandla KAMOYA OYINGCWELE,4 nokuthi Uhlezi ngakwesokunene sikaNKULUNKULU ngalomzuzu elalele ukuvuma kwami izono zami kanye nalomthandazo.5 Ngivula umnyango wenhliziyo yami futhi ngiyakumema ukuthi ungene enhliziyweni yami, NKOSI JESU.6 Ngihlanze kuzo zonke izono zami ezingcolile egazini eliyigugu, othe walichitha esikhundleni sami, esiphambanweni eKhalivari.7 Angeke ungichithe ungilahlele ngaphandle NKOSI JESU. Uzongithethelela izono zami futhi usindise umphefumulo wami. Ngiyazi ngoba IZWI LAKHO, iBhayibheli, lisho njalo.8 IZWI LAKHO lithi akekho namunye umuntu oyomdikila umlahlelengaphandle futhi lokhu kuhlanganisa nami.9 Ngakho-ke ngiyazi ukuthi ungizwile, futhi ngiyazi ukuthi ungiphendulile, futhi ngiyazi ukuthi ngisindisiwe.10 Futhi NgiyaKubonga, NKOSI JESU ukuthi usindise umphefumulo wami, kanti futhi ngizokhombisa ukubonga kwami ngokwenza njengoba Ungiyala futhi ngingabe ngisona.11

Ngemuva kwensindiso, UJESU wathi kubalulekile ukubhapathizwa, ngokuphelele emanzini, egameni likaYISE, neleNDODANA, nelikaMOYA OYINGCWELE.12 Funda iBhayibheli ngokweNkosi uJames, ngokukhuthala, wenze lokho elikushoyo.13

INkosi ifuna ukuthi utshele abanye ngensindiso yakho. Ungaba umsabalalisi wezincwadi zeVangeli, zikaMfundisi Tony Alamo. Sizokuthumelela imibhalo nezincwadi mahhala. Sishayele ucingo noma usithumele i-imeyli ukuze uthole ulwazi oluthe xaxa. Tshela nabanye ngalomlayezo.

Uma ufuna umhlaba usindiswe, njengoba eyala UJESU, ungamphangi uNKULUNKULU okweshumi kwakhe neminikelo. UNKULUNKULU wathi, “Ingabe umuntu angaphanga uNKULUNKULU na? Nokho niyaNgiphanga. Kepha nina nithi, SiKuphange kanjani na? Ngokweshumi nangeminikelo. Niqalekisiwe ngesiqalekiso: ngokuba niyaNgiphanga, sizwe sonke [nomhlaba wonke]. Ngenisani konke okweshumi [‘okweshumi’ – u10% weholo lakho liphelele] endlini yengcebo ukuba kube-ngukudla [nokudla kukamoya] endlini YAMI. [Imiphefumulo isindiswe], niNgivivinye ngalokhu, usho UJEHOVA-SEBAWOTI, uma Ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, Nginithululele isibusiso kunokwaneleyo. Ngenxa yenu Ngiyakukhuza okudlayo, kungachithi izithelo zomhlabathi wenu, nemivini yenu ayiyikuphutha endle, usho UJEHOVA-SEBAWOTI. Zonke izizwe ziyakuthi nibusisiwe, ngokuba niyakuba-yizwe elithokozisayo, usho UJEHOVASEBAWOTI”


Zulu Alamo Literature

Sicela uxhumane nathi ukuze uthole ulwazi olubanzi, noma izincwadi mayelana nezinye izihloko ongazithakasela.

Tony Alamo, World Pastor (Umfundisi Wezizwe zonke),
Tony Alamo Christian Ministries Worldwide
P. O. Box 2948
Hollywood, CA 90078

Inombolo yethu yocingo esebenza amahora angamashumi amabili nane ngosuku, uma udinga ulwazi noma imithandazo: (661) 252-5686
FAX (661) 252-4362

Izinkonzo ZamaKristu zikaTony Alamo Emhlabeni jikelele, inikeza indawo yokuhlala nakho konke okuyizidingo zempilo kubo bonke abantu,
ezindaweni zethu eU.S; abantu abafuna ngempela ukukhonza uSimakade ngayo yonke inhliziyo yabo, umphefumulo, ingqondo namandla.

Izinkonzo zibanjelwa eNew York City njalo ngoLwesibili, ngo 8 P.M. nakwezinye izindawo ebusuku. Sicela ushayele ucingo kulenombolo: (908) 937-5723, ukuthola ulwazi. UKUDLA KUYANIKEZWA NGEMUVA KWENKONZO.

Cela Incwadi kaMfundisi Alamo, UMesiya, ebonisa isambulo ngoKristu, esitholakala eTestamenteni Elidala, eziprofethweni ezingaphezukuka-333 Iba isisebenzi ekuvuneni imiphefumulo ngokuba ubengumsabalalisi wezincwadi zikaMfundisi Alamo.

Zonke izincwadi zethu kanye nemilayezo elalelwayo kutholakala mahhala, nemali yokuposa, ikhokhwa yithi. Uma kukhona ozama ukukukhokhisa imali ngazo ngokungemthetho, shayela lenombolo yocingo (661) 252-5686 (ucingo lukhokhelwa yithi, uma usifonela)

LEZI ZINCWADI ZITHWELE UHLELO LWEQINISO LWENSINDISO (Izenzo 4:12).
MUSA UKUYILAHLA, DLULISELA KOMUNYE UMUNTU.

Kunina enikwamanye amazwe, sinikhuthaza ukuba nihumushe lezincwadi ngolimi lwenu lwendabuko.
Uma niphinda niyishicilela, sicela nifake le-copyright kanye ne-registration:

© Ishicilelwe uFebhuwari 2012, 2016 Wonke amalungelo agodlwe nguMfundisi.Womhlaba uTony Alamo ® Yabhaliswa uFebhuwari 2012, 2016
ZULU—VOLUME 15100—THE DEVIL TALKS TO THE LORD AND THE LORD ANSWERS HIM


footnotes:

1. Jobe 1:6-12, 2:1-6, Zak. 3:1-2, Mal. 3:11, Math. 4:1-10, 8:28-32, Mark. 1:23-26, IsAmb. 12:10 return

2. Jobe 42:10-17 return

3. AmaH. 34:1, Math. 26:41, Luk. 18:1, 21:36, 22:40, 46, IzE. 6:4, Rom. 12:12, Ef. 6:17-18, Kol. 4:2, 1 Thim. 2:8, Heb. 13:15, Jak. 5:16, 1 Petr. 4:7, Juda 20-21 return

4. Isaya 14:9-17, Math. 25:41, Mark. 3:29, 2 Petr. 2:4, Juda 6, IsAmb. 20:10 return

5. 2 IziKr. 6:12-42, 7:1-2, 14, IsAmb. 34:15, 17, 145:18, Isaya 58:6-14, 65:17-24, Zak. 13:9, Luk. 18:1-8, Fil. 4:6, Heb. 4:15-16, 10:19-22, Jak. 5:16-18, 1 Joh. 3:22, IsAmb. 5:6-8, 8:3-4 return

6. AmaH. 9:10, 22:24-26, 24:3-6, 27:2-10, 34:10, 105:3-4, 119:2, 10, IzA. 8:17, Jer. 29:12-14, Math. 6:33, 7:7-11, 18:18-20, Joh. 15:7, Kol. 3:1-2, Heb. 11:6, 1 Joh. 3:22, 5:13-15, IsAmb. 1:13-18 return

7. Isaya 14:9-17, Math. 25:41, Heb. 2:14, Juda 6, IsAmb. 12:9-12, 17:7-14, 20:1-10 return

8. AmaH. 50:14-22 return


Prayer footnotes:

1. AmaH. 51:5, Rom. 3:10-12, 23 return

2. Math. 26:63-64, 27:54, Luk. 1:30-33, Joh. 9:35-37, Rom. 1:3-4 return

3. IzE. 4:12, 20:28, Rom. 3:25, 1 Joh. 1:7, IsAmb. 5:9 return

4. AmaH. 16:9-10, Math. 28:5-7, Mark. 16:9, 12, 14, Joh. 2:19, 21, 10:17-18, 11:25, IzE. 2:24, 3:15, Rom. 8:11, 1 Kor. 15:3-7  return

5. Luk. 22:69, IzE. 2:25-36, Heb. 10:12-13   return

6. 1 Kor. 3:16, IsAmb. 3:20 return

7. Ef. 2:13-22, Heb. 9:22, 13:12, 20-21, 1 Joh. 1:7, IsAmb. 1:5, 7:14 return

8. Math. 26:28, IzE. 2:21, 4:12, Ef. 1:7, Kol. 1:14  return

9. Math. 21:22, Joh. 6:35, 37-40, Rom. 10:13   return

10. Heb. 11:6   return

11. Joh. 5:14, 8:11, Rom. 6:4, 1 Kor. 15:10, IsAmb. 7:14, 22:14 return

12. Math. 28:18-20, Joh.3:5, IzE. 2:38, 19:3-5 return

13. Dut. 4:29, 13: 4, 26:16, Josh. 1: 8, 22: 5, 2 Thim. 2:15, 3:14-17, Jak. 1:22-25, IsAmb 3:18 return